(The unicode entry tool was developed by the Linguist List. To obtain it for use in other web pages click here)
| Entry | Speaker | Zulu | English | 
| 1 | II | Iminyombo.  Awu, kuhle lokho. | Mythological origins.  That's fine. | 
| 2 | I | Ehe, ukuthi uyabona uma ukhuluma ngokuthi nansi inkondlo, kufanele ukuba sazi ukuthi inkondlo le… | Yes, so that if you have to analyze a poem then you must be able to say where it… | 
| 3 | II | Yaqhamukaphi… | Originates from… | 
| 4 | I | Iqondeni kubantu.  Iqhamukaphi ___ isho ukuthini. | What it symbolizes to the people.  How it originates.  What it says to the people. | 
| 5 | II | Mm… | Yes… | 
| 6 | I | Yenzani.  Izinto ezinjengalezo… | What it means.  Such issues… | 
| 7 | II | Mm. | Yes. | 
| 8 | I | So-ke, siyobana ukuthi kuhamba kanjani. | So, the, we'll see how it goes. | 
| 9 | II | Ehe, kufanele ngizithathe izifundo zakho. | Yes, I have to take your classes. | 
| 10 | I | No, zithathe izifundo zami.  Zithathe.  But nami ngizama ukuthi ngithi shelele ngase-Afrika. | No, you have to take my classes.  But I too, would like to take some time off and go to Africa. | 
| 11 | II | Pho, manje uma uthi shelele, kanti ngiyofundiswa ubani? | But then, if you do who'll teach me? | 
| 12 | I | Impela, azazi | Honestly, I don't know. | 
| 13 | II | [giggling]  Wangibhuqa manje… | [giggling]  How sarcastic of you! | 
| 14 | I | Ngifunga abeKunene. | Honestly, I swear by the Kunenes. | 
| 15 | II | Wangibhuqa phela manje! | God, how sarcastic can you be! | 
| 16 | I | Impela ngizothini [faint] ngoba ngikhuluma lona iqiniso.  Ngithi angazi kahle ukuthi uma ngingahlala, ngabe ngihlalele ukuthini.  Uma ngithola lolo, usizo lolo… | What else can I say [faint] because I'm telling you the truth.  I just don't know very well what I would be staying here for.  If I get that help (grant) that help… | 
| 17 | II | Mm, usizo lolo… | Yes, that help… | 
| 18 | I | Ngiyohamba ngiyibangise ngase-Afrika. | I'll go to Africa. | 
| 19 | II | Nyakenye… | Next year… | 
| 20 | I | …ngoba sengikhumbule. | …because I'm homesick. | 
| 21 | II | Nkosi ymai. | I can appreciate that. | 
| 22 | I | Ya. | Yes. | 
| 23 | II | Kuyezwakala. | It's understandable. | 
| 24 | I | Izinyawo zami seziyesinda.  Sengiyezwa ukuthi ngihamba emathuneni. | [untranslatable]  My feet are heavy.  I can feel that I'm treading on the graves of the dead (The overall meaning is that things are not going so well for me). | 
| 25 | II | Kuyezwakala.  Mm, Nkosi yami. | It's understandable.  What a shame. | 
| 26 | I | So-ke manje [false start].  Kodwa uyabona ngalonyaka ozayo, ngolokhuzana… | So now, [false start]  But then, you see next year… | 
| 27 | II | Mm… | Yes… | 
| 28 | I | Entwasahlobo ngiyobuya… | In the fall, I'll come back… | 
| 29 | II | Uyobuya.  Ingani mina ngiyobe ngihamba-ke nje.  Ngiyobe sengiyo… | You'll come back.  But then I'll be leaving then.  I'll be going to.. | 
| 30 | I | Uhamba uyaphi?  Phela, wena ngeke usahamba lana. | Where do you think you are going?  You are going nowhere. | 
| 31 | II | Hayi-bo, usho ukuthini? [gigling] | Hang on, what do you mean? [giggling] | 
| 32 | I | Ukuthi ngiyokubophela khona. | That I'll inspan you here (at UCLA). | 
| 33 | II | Lutho. | No way! | 
| 34 | I | Ehe. | Yes. | 
| 35 | II | Lutho.  Angithi izifundo zami zonke nje, hawu, ngiyazisonga.  Ngiyazisonga ngoJuni nyakenye. | No way.  After all I'm graduating.  I'm graduating in June next year. | 
| 36 | I | Siyobuye sikhulume-ke.  Isiyaqhamuka-ke lendoda.  Ngiyayibona izungeza la. | We'll discuss that later.  This man is appearing (Eric).  I can see him roving around. | 
| 37 | II | Kusho ukuthi isikhathi sesiphelile. | It means our time is up. | 
| 38 | I | Ngiyabona.  Sekufanele ukuba ngikhiphe ngaso isilungu leso… | I think so.  Now I have to accounce in English… | 
| 39 | II | Hawu, sixoxe kahle kodwa. | I think it was a pleasant conversation. | 
| 40 | I | Ehe, bese ngiyaxolisa-ke. | Yes.  But I have to apologize now. | 
| 41 | II | Ehe. | Yes. | 
| 42 | I | [announcing]  Sesiyayikhwebula-ke mabandla kaMjokwane kaNdaba. | This is the end (of the conversation) you children of Mabandla and Mjokwane son of Ndaba (i.e. you children of the Zulu nation). |